Más contenido relacionado La actualidad más candente (20) Ukuvezwa kwabalingiswa2. Ukuvezwa kwabalingiswa kunoveli Inkinsela yaseMgungundlovu
Impela kungumbono ongephikiswe ukuthi abalingiswa bakule noveli ethi “Inkinsela
YaseMgungundlovu” babumbeke ngendlela ehlabahlosile, umlobi usebenzise
ubuhlakani obunzulu ukuveza abalingiswa bakhe. UNyembezi abalingiswa bakhe
ubabumbe ngezindlela ezahlukahlukene ngenhloso yokuphumelelisa indaba yakhe.
Laba balingiswa abalandelayo ngezansi bangumhlahlandlela wempumelelo wenoveli.
Lombhalo olandelayo uzohlaziya, uphinde ugxile ezindleleni ezisetshenziswe ngumbhali
ukubumba abalingiswa bakhe.
U-Hawthorn (1987: 40) uveza ukuthi “ a writer explain a character in a way that may be
associated with actions or objects for a purpose connected with the theme of the novel;
a character may say things just so that the reader can be told something”. Ngokuchaza
kukaHawthorn ukubunjwa kabalingiswa kunoveli kungahlanganiswa nezenzo zabo
noma nokuthile okuxhumene nokwakheka kwaloyomlingiswa kanye nokwakheka
kwesihloko sendaba okanye indikimba yendaba. Lokhu kunika umfundi wendaba ithuba
lokuthi esheshe eqonde ubunjalo bomlingiswa othile. Ngakhoke lendlela yokubunjwa
kwabalingiswa uNyembezi ayisebenzisile ibonisa ikhono elihle kakhulu lokubumba
abalingiswa. Ubunjalo bomlingiswa buvezwa indlela akhuluma ngayo kanye
nangendlela agqoka ngayo
NDEBENKULU
Umnumzane Ndebenkulu ungumlingiswa osemqoka kakhulu endabeni. Nguyena uqobo
lo okuthiwa yinkinsela yeseMgungundlovu. Uma sifunda indaba sithola ukuthi
umnumzane Ndebenkulu wasuka eMgungundlovu waya endaweni esemaphandleni
ebizwa ngokuthi iNyanyadu ngenhloso yokusiza abantu ngokubathengisela izinkomo
zabo kubelungu ukuze bazothola inzuzo. UMnumzane uNdebenkulu sithola ukuthi
wayeluhlaza ngebala, enobuso obulolongekile, umlomo ocijile owawunezinyo
elalilikhulu kunamanye, elalivele ngaphandle komlomo. Umnumzane lona ubuye
avezwe njengomuntu owayefundile kakhulu nowayedla izambane likapondo. Lokhu
kufakazelwa yizimpahla umbhali athi wayezigcoka. Wayegcoka izimpahla ezibukeka
3. zidula kakhulu kusukela ekhanda kuya ezinyaweni. Siyathola futhi ukuthi
wayenezimoto,okukhombisayo ukuthi wayedla izambane likapondo.
Nendlela wayebhale ngayo incwadi ayeyibhalele uMkhwanazi iyakhombisa ukuthi
wayengumuntu ofundile. Uvezwa njengomuntu othanda kakhulu ukuzikhukhumeza
belu ngoba uma ekhuluma njalo akakhohlwa ukugcizelela ukuthi yena uyisikwaya futhi
ngumuntu ohloniphekile kakhulu, ngisho nabelungu bamhlonipha kabi. “Nyembezi in
Inkinsela YaseMgungundlovu uses Ndebenkulu, a flat character, in order to further his
plot. Nyembezi designates Ndebenkulu as a rogue in order to explain how rural simple
and naive people can be exploited by such unscrupulous persons as Ndebenkulu” Ntuli
(1998).
Lokhu kufakazelwa yilapho ethi khona “mina Nkosikazi ngazana nabelungu abakhulu.
Ngiyabhalelana futhi nabo. Bathi uma bengibhalela bangakulibali mpela mpela ukuba
babeke ukuthi isikwaya emva kwegama lami” Nyembezi (1961: 33).Yonke into
khulunywa uNdebenkulu kubonisa ukuthi ubhekela abanye abantu phansi, njengoba
simthola endabeni esegxeka indawo yaseNyanyadu, abantu bakhona, indawo kanye
nendlela abaphila ngayo.
UNdebenkulu uvezwe njengomuntu ongenabo ubuntu yize yena eziveza njengomuntu
onobuntu, ozimisele ukusiza abantu ukuba bathuthuke, babe nenqubekela phambili
empilweni, kepha izenzo zakhe zisivezela ngokusobala ukuthi akusiyena lomuntu
aziveza ukuthi unguyena ebantwini. Uziveza njengomuntu onemali futhi owazana
nabelungu abakhulu, abasezingeni eliphezulu, kanti futhi olethe usizo kubantu base
Nyandunyandu kanti uze ngobugebengu. Umnumzane Ndebenkulu uyindoda
ezethembayo futhi enomlomo omnandi, noma ekhuluma amanga akakekho obonayo
noma omsolayo ukuthi amanga; yonke into ephuma ngomlomo wakhe ibukeka futhi
izwakala iyiqiniso emadlebeni abantu akhuluma kubo. Endabeni sibuye sivezelwe
ukuthi uNdebenkulu lona ungumuntu ozethembayo futhi onamaqhinga anzulu okwenza
ukuba abantu bamethembe, lokhu sikubona endabeni lapho ehlangene namadoda,
ezowazisa ngenhloso yakhe yokuza kulendawo, sithola efundisa uMkhwanazi incwadi
athi ivela kumfelokazi owayezibongela kuye njengoba phela emsizile. Yonke into
ayikhulumayo uyayigcizelela abuye ayiphindaphinde ngenhloso yokuthi labo akhuluma
4. nabo bamkholwe kulokhu akushoyo, futhi bangakungabazi. Ukukhombisa khona ukuthi
ungumuntu ohlezi ecabanga amaqhiinga, siyavezelwa ukuthi uhlale aphotha amadevu
akhe, okukhombayo ukuthi usuke ecabanga amaqhinga ngaso sonke isikhathi.
UMKHWANAZI
UMkhwanazi singasho naye ukuthi ungumlingiswa osemqoka endabeni, njengoba
kunguyena obhekane nenkinga kakhulu endabeni. Ungumnumzane wekhaya, ngubaba
kaThemba noThoko aphinde abe ngumyeni kaMaNtuli. Uvezwa ngengomnumzane
owayeseqinile. Indlela agcoka ngayo ikhombisa ukuthi yindoda ezithandela umsebenzi
wezandla, imfuyo yakhe kanye nokulima. Emphakathini aphila kuwo waziwa
njengendoda ehloniphekile ethembekile kanye neqotho kunawo wonke amadoda
endawo. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi nguyena owabhalelwa incwadi
nguNdebenkulu,kunawo onke amadoda endawo. Sibuye sibone nangodaba luka
mnumzane Shandu, naye owanela ukuzwa ukuthi uMkhwanazi uyazihambisa izinkomo
zakhe naye wavumela phezulu ngezakhe njengoba phela ebona uMkhwanazi enza
njalo njengoba phela kungumuntu ababemethemba kakhulu ukuthi uhlezi ethatha
izinqumo ezihlakaniphile. Ubuye avezwe njengomuntu ongafuni ukutshelwa futhi
onguthathekile nje. Lokhu kubonakala lapho uNdebenkulu ekhuluma ngomkomelo
ayezowuthola uma nje engavuma ukuthi uNdebenkulu amthengisele izinkomo zakhe.
Umkhwanazi uma ezwa lokhu wavumela phezulu ukunika uNdebenkulu izinkomo
zakhe ukuba amuthengisele zona.
Indlela uNyembezi athule ngayo uMkhwanazi umenze waba umlingiswa oyisicaba,
ngoba evezwa njengomuntu ongaguquki entweni ayishoyo, kwala ngisho eseboniswa.
Kusuka indaba iqala ize iyofika emaphethelweni akakaze nangelilodwa ilanga leli
aguqule umqondo wakhe. Lokhu kufakazelwa ukuthi waze wacishe walahlekelwa
izinkomo zakhe ngakho ukungafuni ukutshelwa. Sibuye sivezelwe ukuthi uMkhwanazi
lona wayengafundanga, ugcine kuStd 4 njengoba phela wafundwa ngezinkathi
zasendulo lapho kwakufundwa kugcinwe kulawo mabanga aphansi.
UMANTULI
5. UMaNtuli ungumlingiswa ongaqondakali ukuthi ungumuntu onjani ngakho ke
ngingambeka njengomlingiswa oyindilinga. Ungumuntu ohlale eguquka nje akahlali
entweni eyodwa futhi onolaka ngempela. Okumveza njengomuntu ongathembekile.
Ungumlingiswa oyiphixixi, ngamanye amazwi uzishaya ngapha nangapha.
Sizokhumbula ukuthi mhla kufika incwadi evela kuNdebenkulu ebazisa ngokuthi
uzofikela ekhaya kwaMkhwanazi, wayejabule kakhulu ngaleyondaba yokuhanjelwa
yisihambi esisezingeni eliphakeme kakhulu; kepha uma sesifikile leso sihambi ekhaya
lakhe, indlela ayezizwa ngayo iyashintsha. Kuyavela endabeni ukuthi UMnumzane
Ndebenkulu phela wathi uma efika ekhaya lakwaMkhwanazi uye wavelelwa yishwa
lokuthi uma ethi uzama ukwehla ekalishini, wavele wawa wadabukelwa impahla yakhe
athi iyabiza. Ubese elandisa umaNtuli indlela ayezizwa ngayo ngalesi sehlakalo,
njengomama wekhaya. Amazwi akaNdebenkulu amthukuthelisa kakhulu umaNtuli,
wahluleka nokuzibamba, waluveza ulaka lwakhe.
Lokhu kusekelwa yilawa mazwi acaphunwe endabeni; “uyabona Nkosikazi,”kusho
umfokaNdebenkulu ephimisa inhlabathi emlonyeni ezithintitha ijazi nebhulukwe.
“Bengisasho-ke Nkosikazi ngithi iyo le nto ebengisayisho endleleni, ngishilo
kulendodana yakho ngathi ukube bengazi ngabe ngize ngemoto yami. Angisiye mina
umfokazana wokuba ngingakhwezwa izinqola lezi enithi amakalishi, angisiye neze. Ake
ubheke lapha senginjani” (Nyembezi 1961; 33)Lawo amanye amazwi acasula umaNtuli
nokwamenza ashintshe imizwa yakhe ngesihambi lesi, asibone ngenye indlela manje.
Siyathola nokuthi ubengasafuni nokuthi singene emzini wakhe. Ukufika kuka
mnumzane Ndebenkulu kwamshintsha ngempela uMaNtuli. Umbhali ubuye asivezele
ekuqhubekeni kwendaba ukuthi umaNtuli lona bekasavumelana nemibono wakhe
lomlisa bekamthukuthelele kangaka, engafuni lutho ezomhlanganisa naye. Kuthe ezwa
elemali eyizizumbulu eyayithenjiswa uNdebenkulu ,uMaNtuli wavele wema
nowakwakhe ukuba kuthengiswe izinkomo. Sithi sisabheke lokho, simthola
esevumelana noThemba ukuthi uNdebenkulu lona uyisigebengu. Umbhali ubuye
asivezele lapho esebhokela izingane zakhe ngolaka ethi azihloniphi ngenxa yalo udaba
lokuthi babengamzwisisi kahle uNdebenkulu lona. umaNtuli lona singamveza
njengomuntu ukhohliseka kalula futhi ongazazi ofunani nokuthi umephi. Ngenkathi ezwa
ngezizumbulu zemali ababezozithola nomyeni wakhe, wavele wavumela phezulu,
6. akabe esafuna lutho oluvela kwindodana yakhe uThemba, wayembona ekhuluma into
engekho nje futhi ezama ukubaphazamisa endleleni yabo yempumelelo. Kanti ubuye
ajike futhi uma esebona iphepha elifika noThemba. Lokhu kwenza singamqondi kahle
ukuthi uyisima kanjani lomlingiswa okusho ukuthi umbaxambili.
UTHEMBA
UThemba kwakuyingane/izibulo lomnumzane Mkhwanazi nowakwakhe umaNtuli.
Wayeyinsiswa eyayiyohlanganisa amashumi amabili eminyaka. Uyingane eyayihlonipha
kakhulu futhi emaziyo umuntu omdala kuye. Lokhu kufakazelwa ukuzama ukuhlonipha
nokubekezelela uNdebenkulu owayesemcasule kabi ngenkathi eyomhlangabeza
esiteshini ngenxa yendlela eyakhuluma ngayo futhi emubukela phansi kanye nendawo
yangakubo ngakhona, elokhu emuchoshela ngobukhulu bakhe nangezinto ayenazo.
Lomlingiswa naye wayeyithanda kakhulu imfuyo, njengoba phela wakhulela khona
lapha emakhaya. uThemba lona ubuye avezwe njengomuntu owayefundile, njengoba
phela siyathola ukuthi wayefunda ekholiji futhi nendlela wayegcoka ngayo
yayikukhombisa lokho. Ukufunda kwakhe kuyakhombisa ukuthi kwamenza
wahlakanipha kakhulu futhi kwamfundisa ukucabanga ngobunzulu nokuhlaziya izinto
ngaphambi kokuthatha izinqumo ngento ethile. Lokhu sikubona ngokuthi akazange
amthembe uNdebenkulu, izinkulumo zakhe zazivele simsolisa kakhulu uThemba, ukuthi
lo muntu kukhona okungahambi kahle ngaye kusukela esaqala ukumbona nje. Kodwa
lokho azange kwamenza ukuba amxwaye kepha wathatha isikhathi sakhe wamhlaziya
kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaye.
Lona mlingiswa singamthatha njengomlingiswa oyisicaba, ngoba phela selokho indaba
iqalile, akaguquki entweni ayishoyo. Siyavezelwa nokuthi uzama ngakho konke
okusemandleni akhe ukuvikela umndeni wakhe, ikakhulukazi abazali bakhe
kulesigebengu esingumnumzane Ndebenkulu, okumveza njengomuntu onothando
olukhulu futhi owunakekelayo umndeni wakhe. Lokhu sikuthola lapho ezama
ukuxwayisa abazali bakhe ngobungozi abubona sengathi buza
noNdebenkulu.UThemba ungumlingiswa onobuhlakani, indlela akukhuluma ngayo,
ahlaziya ngayo izinto. Kanti nendlela agqoka ngayo umbhali usivezele ukuthi usegqoka
amabhulukwe amade lokho kusho ukukhula kwakhe kanye nakho belu ukuhluzeka
7. kwenqondo. Ukubunjwa kwakhe singasho sithi kuyahambelana ncamashi negama
lakhe. Siyavezelwa ukuthi nguyena owabuya nephepha elavula umama wakhe
umaNtuli amehlo ukuba abone ukuthi uNdebenkulu lona wayengalunganga.
Okukhombayo ukuthi wayehlakaniphile kakhulu futhi ekwazi ukuyimela into akholelwa
kuyo. Endabeni kusuka ekuqaleni kuya ekuphethweni kwayo yilokhu ezamile enza
izaba zokuba abazali bakhe bagcine bekubona ubungozi bokuthemba umuntu
ongamazi. Uze ubaphathela iphephandaba ukuba babheme bakholwe ngezigilamkhuba
esezikhona.Yize zonke lezo zaba azenzayo zifana nokuthela amazi emhlane wedada
kepha ulokhu eqhubekile ngoba ephokophele ukuba abazali bakhe bangalinge bangene
kulolutaku, ikakhulu ubaba wakhe osekhomba ukumthandaza uNdebenkulu.
Lomlingiswa uyakuveza ukukhathazeka kwakhe okukhulu lapho esebona ukuthi nangu
uyise esezolahla umgexo aphisane ngemfuyo yakhe engaka ngento engekho nje.
UThemba singabuye simveze njengomutnu okwaziyo ukubekezela, akalilahli neze
ithemba, noma izinto zibuxayi kangakanani. Yize wayethatheka kabi kubazali bakhe
ngenkathi ezama ukubabonisa ubungozi bukaNdebenkulu, kepha ekugcineni liyavela
iqiniso elifakazela kona impela ukuthi elempohlo liziwa muva. Ngendlela uNyembezi
abumbe ngayo lomlingiswa, ukuveza kube sobala ukuthi ngesinye isikhathi abazali
baye bazixwaye izingane zabo, bazibukele phansi, beye uqobo ngisho zibasindisa
ezindleleni ezibaholela ophathe. Lokhu kuyingxenye yesifundo esisitholayo endabeni,
ukuthi kubalulekile ukulalela imibono yabanye abantu, akubalulekile ukuba badala noma
bancane, bangahle babe usizo olukhulu empilweni yakho. Impela basuke beqinisile
uma bethi abantu abayi nganxanye bengemanzi, ngoba ukube wayengekho uThemba
ngabe uMkhwanazi wasala dengwane, yeka izinkabi zakhe ezingaka eyeyolahlekelwa
yizo.
UTHOKO
Ungudadewabo kaThemba,indodakazi kaMkhwanazi noMaNtuli. Nakuba engeyena
umlingiswa obalulekile kakhulu noma ongagqamanga kulendaba, kodwa ngibone
kubalulekile ukuba ngithi qaphuqaphu ngaye ngoba indaba yenzeka noma ithinta
kakhulu umndeni wakubo. UThoko kule ndaba uvezwa njengomuntu owayemi
ohlangothini lomfowabo njengoba phela wayengahambisani nezenzo zikaNdebenkulu.
8. Singamveza naye njengomliswa owayengakhohliseki kalula ngoba phela nakhu
simthola engagculiseki ngenkulumo kaNdebenkulu, yokuthengisa izinkomo zikayise
ngaphandle kobufakazi obunzulu. Indlela avezwe ngayo uThoko ngingasho kugcwale
umlomo ukuthi uvezwe njengomuntu owayenenhlonipho kakhulu futhi omaziyo umuntu
omdala kunaye njengomfowabo uThemba. Lokhu kufakazelwa yikho ukuthi noma
esezwa ukuthi uyadinwa amagama kaNdebenkulu eyawasho kumfowabo nomama
wakhe, wavele wazithoba nje. Noma iqhubeka indaba kuyavela ukuthi bekubonakala
noThemba umfowabo ukuthi kukhona abangakutholisisi kahle ngomnumzane
uNdebenkulu, kodwa bebeqhubeka bebonisa inhlonipho kuye, nakuba bengamuthembi
futhi bangayijabuleli indlela wayenza ngayo izinto.
Umlobi ubuye aveze ukuthi uThoko wayemkhonze kakhulu umama wakhe, kwazise
phela wayemuthemba kakhulu, emuhlonipha futhi elalela iziyalelo zakhe. Indlela
uThoko unyembezi amubumbe ngayo, iyakuqhakambisa ukuthi ungumuntu okhulele
emakhaya, unenhlonipho futhi uyakwenza konke okuthiwa makakwenze ekhaya. Lokhu
kungafakazelwa yilapho kuthiwa makaphekele uNdebenkulu yize ubesebacasulile
kakhulu ekhaya kodwa ngoba kwakukhulume umzali wakhe, akali lutho. Yize
wayembona ukuthi uNdebenkulu lona wayeyisichwensi, kepha ngoba ihlonipha nalapho
ingayukwendela khona, wayemenzela konke okufanale ukuba amenzele kona, inkani
eyalelwe abazali bakhe ukuba akwenze.
ABANYE ABALINGISWA ABASENDABENI
Bakhona ke nabanye abalingiswa uNyembezi abasebenzisile ekubhaleni indaba yakhe
ukuze ibe yimpumelelo. Abalingiswa abafana noMaShezi, uDiliza, uMpungose kanye
noShandu. Laba abanye babalingiswa abavelayo endabeni. Yize bengagqamile kodwa
amagama abo ayaphatheka endabeni, okuyinye yezinto eyenze indaba kaNyembezi ibe
sezingeni eliphezulu. Ngamanye amazwi ngingasho ngithi laba abalingiswa baseka
abalingiswa abakhulu.
USHANDU
Lomlingiswa uvezwa njengomuntu oyisicaba. Uyashintshashintsha kukho konke
akakushoyo. Emhlanganweni wokuqala wayenemibuzo eyaze yenza isigilamkhuba
9. esinguNdebenkulu ukuba sibone ukuthi kunzinyana ukuba angazuza lamadoda
eseNyandunyandu ukuba avumelane necebo lakhe. Ekuqaleni kwendaba uvezwa
njengomuntu ewayethanda iqiniso futhi othanda izinto zihambe ngomthetho. Siyathola
ukuthi ngesikhathi somhlangano, wakhwela edilika kuMkhwanazi emubuza ukuthi
ngabe naye sewaba yinkosi yini njengoba ehlele umhlangano ngaphandle kwemvumo
yenkosi yaseNyandunyandu. Lokhu wayekusho mayelana nesenzo esingalungile
esenziwa ngu-Mkhwanazi, ekubeni eyisithenjwa kangaka nje endaweni; wabiza
umhlangano ngaphandle kwemvume yenkosi. Lesisenzo sikaShandu sasikhomba
ukuba ungumuntu wamaqiniso kanti futhi ke nemibuzo ayeyibuza kulomhlangano
beyikhomba ukuthi akayizwisisi kahle nalento eyayishiwo nguNdebenkulu futhi
akahambisani nayo neze.
Kodwa ngenxa yokuthanda imali, uShandu ungumlimlingiswa ogcina eselibala ukuthi
uNdebenkulu ubabophela amanqina enyathi. Wathi uma ezwa izizumbulu zemali
eyekhuluma ngazo uNdebenkulu, wakhohlwa konke, wabe esevumelana naye necebo
lakhe. Lokhu kuyakhomba ukuthi wayeyikhonze kakhulu imali lomlingiswa. Kuyiqiniso
ngempela ukuthi imali yimpande yesono. UShandu impela ebebukeka njengendoda
eqotho, yasemakhaya, ewuhloniphayo kakhulu nomthetho wenkosi. Lokhu
kusagqamisa kona ukuthi amadoda asemakhaya lawa asabuqhakambisa ubuntu
nenhlonipho. Kodwa siyathola futhi ukuthi ngenxa yokungabi nolwazi kanye nokulingwa
yimali nokufuna ukuphila impilo engcono nesezingeni eliphakeme, udela konke
ayekholelwa kukho. Singasho ukuthi naye ungumuntu othatheka kalula nje. Kanti ke
iqiniso yikho ukuthi iningi labantu lingenza noma yini ngenxa yemali. Ukuba
uNdebenkulu akazange agabisele uShandu ngesheke elinezishaqane zezimali ngabe
akazange acishe alahlekelwe izinkomo zakhe uMthiya, kepha-ke ngoba imali ayiluthezi
olunenkume, walutheka umtaka Mbatha.
BUTHELEZI
Lomlingiswa singasho ukuthi ungumuntu onobuhlakani kakhulu futhi
ongasinguthathekile. Ngaphambi kokwenza izinto noma athathe izinqumo, uqale
afunisise kahle. Naye wayenokungabaza okukhulu ngecebo likaNdebenkulu futhi
angalinambithisisi kahle. Siyathola ukuthi uyazama ukumxwayisa umnumzane uShandu
10. ngalecebo likaNdebenkulu ukuthi lingaba yingozi. Kwakungavumi neze ukuba ahambise
ezakhe izinkomo, kepha alizange limufulathele elakubo ngempela. Nokho naye
zazimfikehla zizinhle izindaba zezizumbulu zemali ababezozithola uma bengavumelana
nalokho bekuvezwa ngumnumzane uNdebenkulu, kodwa wakwazi ukuzithiba. Ukube
uShenge wavumela okwakumufikela naye ngabe wagcina esegcwala amathafa ejaha
isigilamkhuba esingu Ndebenkulu njengoShandu noMkhwanazi. Lona ngumlingiswa
okholwa ngokubona njengoThomas wasebhayibhelini. Uze udela ubuthongo bakhe
ubophela amahhashi akhe naye ulibangisa khona le eThisayidi ukuyozibonela
ngawakhe ukuthi ngempela ziyahamba yini izinkomo zalamadoda, njengoba phela
wona ayesevumile ukusebenzisana noNdebenkulu lowo. Ukuthatha izinto kancane
lokhu kwakhe kwamsiza kakhulu, kwamvikela kulenkinga uMkhwanazi noShandu
azithola akuyo.
UDILIZA
Lomlingiswa ubaluleke kakhulu endabeni. Ungomunye wabantu abadlala indima enkulu
kakhulu ukuze phela kugcine kubanjwa lesigilamkhuba esinguNdebenkulu.
uNdebenkulu wayemuthatha kancane nje aze amubize ngebhoxongwana kanti usho
insizwa uqobo. Naye wayengahambisani neze necebo elivezwe nguNdebenkulu futhi
wayengamunthembi lomnumzane. Singasho sithi wayeseka uThemba. Lokhu
kufakazelwa phela yindima enkulu kanye neqhaza elibalulekile akalibambile ngokuya
kwakhe kuMpungose, begcine beya nakundabezitha ukuba bayobonisana ngalolutaku
ukuze kubanjwa leliqili elinguNdebenkulu. UDilizi ulibhoxongwana elibukeleka phansi
ngokukaNdebenkulu, kepha wayenobuhlakani ngempela futhi enamacebo ahlakaniphile
enza uNdebenkulu lona agcine esebanjiwe, esebenzisana noThemba, uMpungose
kanye noButhelezi.
ISIPHETHO
Abalingiswa yibona bantu ababaluleke kakhulu endabeni nasemidlalweni ehlukene.
Ngingasho ngithi ngaphandle kwabalingiswa indaba kungaba into ethule nje engachazi
noma engasho lutho. Phela abalingiswa yibona abenza indaba ilandeleke uthi noma
uyifunda ube nomdlandla kanye nogcozi wokuqhubeka nayo. Uma ufunda indaba
11. enabalingiswa abanongeke kahle, ufikelwe yimibuzo ehlukahlukene kanye nezithombe
enqondweni yakho ngokusuke kwenzeka. Unyembezi ubaveze ngendlela
esemgangathweni ophezulu kakhulu abalingiswa enovelini yakhe. Lokhu kufakazelwa
ngu Forster 1974:30 uma ethi “The novelist, unlike many of his colleagues, makes up a
number of word-masses roughly describing himself ... , gives them names and sex,
assigns them plausible gestures ... and perhaps to behave consistently,”.
12. IMITHOMBO YOLWAZI ESETSHENZISIWE
Nyembezi, S. (1961). Inkinsela Yasemgungundluvu. Kwazulu Natal: Shuter & Shooters
Publishers (Pty) Ltd.
Forster, E.M (1974). Aspects Of The Novel And Related Writings. London: William C10wes &
Sons Ltd, , Colchester & Beccles.
Hawthorn, J. (1987).Studying The Novel An Introduction. London: Edward Arno1d (Publishers)
Ltd.
Ntuli J.H. (1998). The Conception And Evolution Of Characterization In The Zulu Novel.
Kwazulu Natal: Department Of African Languages At The University Of Zululand